Njengoba isizakhele umlando omuhle njengenkampani yokuhumusha iminyaka eminingi, i-SunFlare isalokhu izibophezele ekubeni uphathina othembekile ohlakaniphile wamakhasimende ayo.
Sihlinzeka ngamasevisi aphelele aklanyelwe ukuhlangabezana nezidingo zamadokhumenti ezinkampani ezisebenza kuyo yonke imikhakha yebhizinisi
Siyakwazi ukuhlinzeka amakhasimende ethu ngezixazululo zezinga eliphezulu ngokuhlonza nokuxazulula izinselele ezihlobene namadokhumenti ngokushesha nangokunembile.

Iphrofayela Yebhizinisi

Igama Lebhizinisi SunFlare Co., Ltd.
Yasungulwa August 1, 1971
Ikheli IHhovisi Elikhulu Lase-Tokyo:
Shinjuku Hirose Bldg., 4-7 Yotsuya, Shinjuku-ku,
Tokyo 160-0004, Japan
UMqondisi OnguMmeleli UHiroyuki Sasai
Amabhizinisi

Amadokhumenti

  • Ukuhumusha
  • Ukuhumusha Ngokwendawo
  • Ukubhala (oku-technical nokwezokwelapha)
  • Amasevisi okudala (ukuklama, i-DTP, iwebhu nevidiyo)

Ukuxhumana

  • Ukuxhumana ngamadokhumenti
  • Ucwaningo (imithetho, iziqondiso, izimiso namalungelo obunikazi)
  • Ukusekela ngokufayela nokufaka izicelo (amalungelo obunikazi, izindaba zomthetho namadivayisi ezokwelapha)

Imfundo nokuqeqesha

  • Isikole Se-SunFlare
  • I-Translator Qualifying Examination (TQE)
  • Ukuqeqesha kwebhizinisi
  • Izikole (amalungelo obunikazi namadivayisi ezokwelapha)
Ukuqinisekiswa ISO 27001, ISO 9001, ISO 17100 ne-Privacy Mark (JIPDEC)
Type II Marketing Authorization Holder License for Medical Devices

Kuqinisekiswe ku-ISO 27001 naku-ISO 9001

Amakhasimende ethu anezinhlobonhlobo zezidingo zamadokhumeni. Ukuze siqiniseke ukuthi sinohlaka oluqinile lokuphepha kokwamukela nokuhambisa idatha yamakhasimende eyimfihlo nokuthi singahlinzeka ngezinga eliphakeme kakhulu lekhwalithi, sihambisana nezinhlobonhlobo zezimiso zokuphatha zamazwe ngamazwe.

Sinolwazi lwezinhlobonhlobo eziningi zezimboni, zamabhizinisi nezomkhakha

Ukuze siqiniseke ukuthi sihlala siwuphathina webhizinisi othembekile, ochwepheshe bethu kule mboni namathimba asebenza emikhakheni ekhethekile basebenza ndawonye ukuze bahlinzeke amakhasimende ethu ngezixazululo zezinga eliphezulu ezinseleleni abhekana nazo.

Sinolwazi oluhle lwezilimi ezingaphezu kuka-70.

Uma inkampani ifuna ukuzithuthukisela ibhizinisi layo emhlabeni wonke, kungadingeka ukuba ijwayelane nezilimi namasiko kwawo wonke amazwe efuna ukungena kuwo. Ngokusobala lokhu ngeke kube yindlela engalisebenzela kahle kakhulu ibhizinisi. Kodwa-ke, e-SunFlare sinochwepheshe ngezilimi ezingaphezu kuka-70 abajwayelene futhi namasiko ezindawo okusetshenziswa kuzo lezo zilimi. Banganikeza amakhasimende ethu ukusekela okuqondiswe kuwo, okufike ngesikhathi esifanele akudingayo ukuze aphumelele njengebhizinisi elisemhlabeni wonke. Ochwepheshe bethu banolwazi olunzulu oluqondene nomkhakha othile olusekelwa amakhono amahle kakhulu olimi, okusenza sikwazi ukunikeza amasevisi ngokushesha, ezinga eliphekeme amadokhumenti adinga izinga eliphakeme lamakhono, njengamadokhumeni ezomthetho, izihloko zamaphephabhuku, nokufaka izicelo zezomthetho.